Sjava – Kube Ngangazi Lyrics

 

Kube Ngangazi Lyrics

 

Kube ngangazi
Kube ngangazi

Ngaphoxa abazali badumala
Mabethol’ ukuthi ng’khulelwe
Mabeng’buza ngawe ekhaya
Kwabanzima ukubatshela ung’balekele
Baba noMama ngicela uxolo
Umkhohlisi ung’khohlisile
K’thiw’ intandane enhle umakhothwa unina
Kumele ngiqine mtanami ngik’khulise

Kube ngangazi
Kube ngangazi mina
Ngangingeke
Ngik’nike ubuntombi bami
Kube ngangazi
Kube ngangazi mina
Ngangingeke
Ngik’nike ubuntombi bami

Wuye lo umtanakho usekhulile
‘Yambona useyintombi engakanani
Ezimnandi ukuthi uyasebenza
Futhi uyang’nakekela
Mangingakhala ngabe ngiqamba amanga

Ezib’hlungu ukuthi emoyeni akeneme neze
Uhlale ethikuthele, enolaka
Mangimbuza ngomkhwenyane akaphenduli
Uvele anxaphe athi yena akafuni k’gana

Mama amadoda mina ngiyawazonda ayizinja
Ubaba wathi uyas’thanda kodwa ekugcineni wasishiya
Manje ngidlala abafana
Ngihambe ngishayisa
Ngoba ngifun’ uthando el’zovala is’khala saBaba

Kub’hlungu
Ng’zothanda kanjani uthando ngingalwazi ngikhula
Kub’hlungu
Uthi konke akwakhayo kuyabhidlika
Kungenxa yakho

Kube ngangazi
Kube ngangazi mina
Ngangingeke
Ngik’nike ubuntombi bami
Kube ngangazi
Kube ngangazi mina
Ngangingeke
Ngik’nike ubuntombi bami