Sjava – Iphisi Lyrics

 

Iphisi Lyrics

 

Zonke lentombi ezaqomela imali
Zaqomela udumo
Namhlanje ziyakhala
(Ziyakhala emendweni we)
Zonke lentombi ezaqomela ub’khazikhazi
Yey futhi ukungazi, namhlanje ziyakhala
(Ziyakhala emendweni we)

Kimi wakhetha kahle
Wakheth’ uk’thula waqoma iphisi
Ngiyabonga ukugad’ is’baya mangiyozingela
Kimi wakhetha kahle
Wakheth’ uk’thula waqoma iphisi
Ngiyabonga ukugad’ is’baya mangiyozingela

Wehlula igwili zikshela ngemali
Zing’nyundela zithi uzokwenzelani lon’ yis’chaka
Wathi wena lesos’chaka ngiyohlala naso
Ngiyabonga wemkhwewami
Ngok’ understand isimo sami
Mangithi ngisahlanganisa
Mthathe mtanami uyohlala naye

Ekugcineni ngakwazi
Ukukwakhela umuzi omuhle
Ngingeyona architect
Ekugcineni ngakwazi
Ukupholisa amanxeba enhliziyo yakho ivuza igazi
Ngingeyena udokotela

Bangak’didisi laba
Loku es’nako bayak’fisa
Dali mas’nothando sinako konke

Makumnandi elawini
Sihleka elawini kunothando nempatho
Dali mas’nothando sinako konke

Zonke lentombi ezaqomela imali
Zaqomela udumo
Namhlanje ziyakhala
(Ziyakhala emendweni we)
Zonke lentombi ezaqomela ub’khazikhazi
Yey futhi ukungazi, namhlanje ziyakhala
(Ziyakhala emendweni we)

Kimi wakhetha kahle
Wakheth’ uk’thula waqoma iphisi
Ngiyabonga ukugad’ is’baya mangiyozingela
Kimi wakhetha kahle
Wakheth’ uk’thula waqoma iphisi
Ngiyabonga ukugad’ is’baya mangiyozingela

Yasukum’ intombi yeshinga yakhuz’ umhlolo
Yathi kahleni ningazodlala ngathi
Nathi ubuhle bendoda yinkomo zabo
Mases’qoma igwili nithi siqomel’ umnotho
Shwele ntombi yebhinca kahle ngamatshe
Nami bengisika kwelijikayo angilwi
Bengithi ang’bonge nje
Kules’thandwa sami esangibekezelela ngingenankomo

Ngangingazi
Ngikuk’bonga
Ngizakhela amazondo
Kwintombi zes’godi
Ngangingazi
Ngikuk’bonga
Ngizakhela amazondo
Kwintombi zes’godi

Zonke lentombi ezaqomela imali
Zaqomela udumo
Namhlanje ziyakhala
(Ziyakhala emendweni we)
Zonke lentombi ezaqomela ub’khazikhazi
Yey futhi ukungazi, namhlanje ziyakhala
(Ziyakhala emendweni we)

Kimi wakhetha kahle
Wakheth’ uk’thula waqoma iphisi
Ngiyabonga ukugad’ is’baya mangiyozingela
Kimi wakhetha kahle
Wakheth’ uk’thula waqoma iphisi
Ngiyabonga ukugad’ is’baya mangiyozingela