Sjava – Amakhehla Lyrics

 

Amakhehla Lyrics

 

Ngithi ngicela nitshele isitha sami
Ukuthi ang’hambi ngedwa
Ngihamba nabangabonwa
Abangabonwa Abadala

Ngihamba noMkhulu wami uNjinga
Nasempini yaseNcome
Kuthiwa wayeyivika imikhonto yamashinga
Ngihamba noMkhulu wami uNjinga
Nasempini yaseNcome
Kuthiwa wayeyivika imikhonto yamashinga

Uke afike kimi nangephupho
Athi mzukulu ubosibheka isandla somuntu
Nami ngilele laphengilele khona ethuneni
Ngenxa yaso isandla somuntu
Banomona abantu

Ngihamba noMkhulu wami uNjinga
Nasempini yaseNcome
Kuthiwa wayeyivika imikhonto yamashinga

Sonyakaza kodwa Dlozi lam
Bovika phela ezitheni zam
Balwisana nempumelelo yami
Hamba nabani wo Dlozi lam
Bovika phela ezitheni zam
Balwisana nempumelelo yami

Ngithi ngicela nitshele isitha sami
Ukuthi ang’hambi ngedwa
Ngihamba nabangabonwa
Abangabonwa Abadala

Maye ngiyak’zwela
Ngoba laMakhehla anodlame
Anodlame ngiyawazi
Oh ngiya’zwela
Ngoba laMakhehla anodlame
Ave enodlame ngiyawazi

Ubokhulum’ ukhulum’ ukhulum’ ubuye ubal’ amagamakho
Ukhumbul’ ukuthi nami ngineDlozi lami
Ubothi mawushwashwada nabangani bakho
Nihlel’ ukuthi ningiqumbe phansi
Ubuye ukhumbule, nami ngineDlozi and liyalwa

Uyozwa sekuthiwa nimbon’ enje
Isimo sesinje
Wafaka unyawo lakhe lapho elingafakwa khona
Manje ziyamnetha

Nj’oba nibona nje kunje
Impilo isinje
Akahlanyi ekhanda
ObabaMkhulu abamthwalisa umqhele ogcwele nje ameva
Ameva

Yingakho mina ngithi
Ngicela nitshele isitha sami
Ukuthi ang’hambi ngedwa
Ngihamba nabangabonwa
Abangabonwa Abadala

Maye ngiyak’zwela
Ngoba laMakhehla anodlame
Anodlame ngiyawazi
Oh ngiya’zwela
Ngoba laMakhehla anodlame
Ave enodlame ngiyawazi